(this is a short fictional erotic story. we accepted it because it does not name anyone or specific places. we’re still a bit undecided on how to manage fiction submissions as we must be cautious in case people submit real names and events! but enjoy this one below)
Ngenhlanhla izindonga azinamehlo, azinamilomo; azihlebi.
Ukube kwakungenjalo mhlawumbe ngangi ngeke ngilale nendoda yomunye omuntu.
Kaze wathini kowakhe; waphosisa wathini kuze akhave ukuthi uyaphi kuwuMgqibelo, enjalo nje engalibuki ibhola nabangani ngamaweekend.
Angazi, angibuzanga. Kodwa ngangimufuna la.
Usuku lonke ubengishaya ngama-sms avuthayo; isisu sami sijikajika; amazwi akhe esho ukuthi akaneliseki yimi.
*Where r u?*, ibuza isms?
*At home*, ngiphendule.
*When I saw u at the mall the other day I almost lost my mind. I had flashbacks to the last time we fkd*
Angiphendulanga masisha; phela nami ngangingasakwazi ukulikhohlwa lolosuku sehluleka ukuzibamba; ngiliphinda phinda ngamehlo engqondo. Yebo, ifilimu lami eliyimfihlo, elimnandi.
Kodwa emva kwalelolanga ngazitshela ukuthi angeke ngiphinde ngiye embhedeni nalomlisa ngoba phela bengisebenza nesithandwa sakhe.
Athumele enye i-sms;
*R u still there? I find u intriguing; let’s not kill this special thing 2 soon.*
Kwavele kwangazuthi ngizosangana ngekhanda; besengisola ukuthi ngiyamuthanda; ngifisa ukuthi ngingamucisha enhlizweni, kodwa, lento yethu ibishisa ngendlela eyisimingaliso.
Ngangizitshele ukuthi ngizoziphephisa kulesimo; ngamutshela ukuthi angeke ngikwazi ukuyiphinda lempazamo yokulala naye.
Kwakulukhuni phela ukubhekana nomkakhe sesihleli emamithingi emsebenzini; ngazi kahle ukuthi ngabhejwa umyeni wakhe.
Kodwa namhlanje, ngakhala khona kuleyo ngozi ngamuphendula -
*Missed u 2 b honest. If u want to come I won’t stop u*
Kwangaba nampedulo.
Ngadideka, ngithi Jesu wam kodwa, sengiyisilima salendoda; hawu, kodwa sengaba yisifebe yini.
Akuphelanga ngisho u-20 minutes, ngezwa ngokungqongqoza emnyango.
Asibanga sisamosha mazwi; imilomo yatholana; engiqabula ngendlela yokuthi ikhanda labadizzy; izandla zakhe zingiphulula umzimba wonke, sasondela ngasekwamelweni; izimpahla zisala epassage.
Kulelo kamelo, sisobabili, kungathi sisodwa emhlabeni, sihefu-hefuza, simoyizela; imizimba isongene okwalamashidi ebesiphezukwawo.
“Mmmmhhh, imunandi lento oyenzayo, ungangidedeli,” kwasho mina engiyisa ezulwini elincance ngepipi lakhe, lisho kamnandi ngaphakathi kumi. Ukushisa komzimba wakhe kungingena njengomfula ogeleza ngamandla emva kwezikhukhula; ngichichima imizwa.
Naye engibuka ngalowemehlo; kodwa, ayethini na? Kwakuwuthando noma nje kwaku wukugculiseka kwendoda ikha kulowomthombo omnandi wesifazane? Kuleyomizuzu phela, waye ngowami.
Wangikha ngaphakathi, amathanga ami ngiwasonge emhlane wakhe; ngimuthe ngqi, ngingafuni sihlukane nakance. Wangikha. Wangikha. Sivuma ngazwi linye “oh… yes… yes…”
Sisekuleyondawo; sezwa ngecellphone ikhala trrrrr trrrrrr trrrrrr.
Wangasuka phezu kwami; wayithatha wabheka iscreen.
“Nx, umkami uyazi; bengithe ngikhohlwe amaphepha emsebenzini.”
Aliphendule.
“Yebo dali; ngisendleleni ebuyayo manje. Uyazi lempatha engisebenza nayo ihambe nawo amafiles. So ngihambele ubala…”
Mhlawumbe ungazitshela ukuthi ngaphatheka kabuhlungu, noma mhlawumbe ngadinwa.
Cha; injalo into entshontshwayo; uyiba uyazi ukuthi akusiyo eyakho.
Walicima ucingo, walibeka eceleni.
“Now you really have my undivided attention,” esho engiqabula esidlathini.
Ngahleka, ngibe ngazi kahle ukuthi uzophuma egijima; ngicabange izimphahla zakhe ezifingqekile phansi.
Ngamubuka, inhliziyo yami ivuleke okwethafa; umlilo wami ungacisheki.
Ngaphendula “Thank god walls don’t talk hey.”